Ifa Leziwula
$6.99
Buy on Amazon View on Apple BooksPrefer it in print? See every format on Amazon →
Price on Apple Books. Amazon’s price may differ.
- Published
- Genres
- Fiction & Literature
Description
Isihloko sale ncwadi esithi "Ifa Leziwula" sisuselwe kwisisho sesiZulu esithi "ifa leziwula lidliwa yizihlakaniphi" lokho okuchaza ukuthi izithukuthuku zabantu abangenawo amandla wokuzilwela zivamise ukubuswa ngabantu bokuhamba obekungafanele ngabe zidliwa yibona. Lencwadi ibhekise kakhulu ezigamekweni zobumnyama ezenzeka cishe nsuku zaphela emphakathini esiphila kuyo ezilawulwa ngamandla yemali. Kulezi izigameko sivamise ukuthola abantu abayizibuko zezwe beshintsha indlela yokwenza baphenduke izilwane ezingaziwa ngenxa zokuthi konke abakwenzayo basuke bakwenza phezu kwesisekelo semali. Lokhu kwenza nokuthi bangabe besakubona nokubaluleka kwabanye abantu abaseceleni kwabo. Iqiniso ukuthi imali ayiluthezi olumanzi, ngakho lencwadi yakha isithombe sokuthi esikhathini esiphila kuso uma nje unemali noma ngabe yini ofuna ukuyenza, noma ngabe inobungozi kangakanani kepha yona yenzeka kalula.